Isabizwana Soqobo

Download as pptx, pdf, or txt
Download as pptx, pdf, or txt
You are on page 1of 8

ISIZULU ULIMI

LWASEKHAYA

IBANGA LE-8
02/08/2023
USOBIZO

• IZINHLOBO ZEZABIZWANA
• ISABIZWANA SOQOBO
• ISABIZWANA SOKUKHOMBA
• ISABIZWANA SOKUBALA
YINI ISABIZWANA?

• Lolu ucezu lwenkulumo olungaphansi kukaSobizo.

• Nalo lusebenza njengebizo emishweni.

• lungamela ibizo elingumenzi noma elingumenziwa emshweni.


ISABIZWANA SOQOBO

• YINI ISABIZWANA SOQOBO?

• Isabizwana soqobo sisebenza esikhundleni sebizo kusho ukuthi singasihlela nangezigaba zamabizo.

• Okhulumayo: Mina Thina

• Okhuluma naye: wena nina

• Okhuluma ngaye: Yena Bona


ISABIZWANA SOQOBO
(IZIGABA ZAMABIZO)
• ISIGABA ISIQALO ISIBONELO ISABIZWANA SOQOBO
1. umu (u)- umuntu yena
1(a) u- ugogo yena
2. aba- abantu bona
2(a). O- ogogo bona
3. Um (u)- umuthi wona
4. imi- imithi yona
5. (i)li- ilitshe lona
6. ama- amatshe wona
7. isi- isitsha sona
8. izi- izitsha zona
9. iN- ingane yona
10. IziN- iziNgane zona
11. ulu- uluthi lona
14. ubu- ubuso bona
15. uku- ukudla kona
ISABIZWANA SOQOBO

• Okumele sikuqaphe ngezabizwana zoqobo ukuthi zingamalunga amabili.

• Okuba Isiqalo (prefix) kanye nesiqu (sterm).

• Iziqalo zonke zesabizwana soqobo zigcina ngonkamisa –O ngaphandle kwesigaba-1 kanye 1(a)

• Iziqu zesabizwana zonke ziyefana zigcina ngo –na.


UMSEBENZI WASEKLASINI
• Guqula amabizo asemishweni elandelayo adwetshelwe mase usebenzisa isabizwana soqobo esifanelekile.

1. Umfana uhlatshwe yiva

2. Inja ilunywe inyoka

3. Umama upheka uphuthu

4. Abafundi balalele uthisha efundisa.

5. Ingane engakhali ifela embelekweni.


UMSEBENZI WASEKHAYA
• Guqula amabizo asemishweni elandelayo adwetshelwe usebenzise isabizwana soqobo esifanelekile.

1. Abantu bayakuthanda ukufunda izincwadi

2. Ubaba uthenge imoto entsha.

3. UThemba noSphamandla badlala ibhola emnyango.

4. Izimpahla bezitatshwa endalini.

5. Umgodi ugujwe umbani wezulu.

You might also like