Jump to content

ISIKO LOMEMULO

Mayelana Wikipedia
Uyise wentombi eyihola kubhekwe esigcawini
Usuku lokusina esigcawini

Umemulo umkhuba kanti abanye bakuthatha ngokuthi isiko. Umemulo yilapho uyise umulisa/ ukhulisa intombi yakwakhe, ayethwesa isicoco nomqhele ngokumisa kwayo ize inikezwe nguyena igunya lokuthi isingaveza isoka, isikhule ngokwanele.[1] Ukumulisa ukuyona impoqo kodwa kusuka othandweni lwabazali uma intombi ihambe kahle phambi kobuso babo. Ukukhuliswa kwentombi ngokugcinelwa isiko lomemulo[2]. Ukubaluleka kwawo nokokuqikelelwa uma kugcinwa isiko lomemulo. Okokuqala, kuwukubonga ubumsulwa bentombi eyenzelwa umemulo. Ubumsulwa bayo buncike ekuziphatheni kwayo ngenkathi ikhula kumabanga intombi esidlula kuwo[2]. Ubumsulwa lobu yisona sinongo esingugo nesimakha aso athaphuka izimbali zewozawoza esidonsela intombi emendweni. Ngenxa yongqambothi Iwaleli phunga, uZulu wakuthangi ubekuphathisa okwezikhali zamaNtungwa ukuweliswa komntwana wentombazane kusuka ebuntwaneni, kudlula kuleli zinga kuze kube uyogana.[3]

Umsebenzi kamafungaswe wekhaya

[hlela | Hlela umthombo]

Intombazane ikhula ngaphansi kwesandla somthetho kwaZulu. Ikhaya nekhaya Iinentombi okuthi ngokobukhosazane bayo ithwaliswe umsebenzi wokuqapha ukunyathela kwezintombi zekhaya lelo. Umafungwase wekhaya nguyena ngqo shishilizi, iqhikiza phela, lazo zonke izintombi zomndeni. Umsebenzi weqhikiza ukubhekela ngeso lokhozi izinzalabantu zekhaya, okungomame nezalukazi, ukuthi ngakube izintombi zomndeni ziziphethe ngendlela yesiko yini noma qha. Izinzalabantu zona ziyiso lomnumzane wekhaya okunguyena nsika yomuzi[4]. Umnumzane wekhaya yena uyiso labaphansi ngoba naye umuzi akuyiwona owakhe, uwuphethe ngesandla sawoyisemkhulu. Kungalesi sizathu ubumsulwa bentombi bungapheleli kwabo nje kuphela kepha kugcina kuyinto yomphakathi wonke.

Ukubaluleka kobumsulwa bentombi

[hlela | Hlela umthombo]

Ukubaluleka kobumsulwa bentombi kufakazelwa umphakathi ophuma zinkalo zonke uzobungaza. Phela umemulo yilona banga eliyisicongo nelibongwa ngesiko ekuziphatheni kahle kwentombi.[2] Ukuhlanzeka komphefumulo nomzimba wentombi, ukuhlanzeka komndeni nomphakathi wonkana ngesizathu sokugcinwa kwaleli siko, kulanywa wukubongwa ngezilwane ezihlatshelwa abangasekho, bebikelwa ngaleli phunga elimnandi elihogelwa yisizwe sonkana ngomntwana wabo. Kubikwa kwabangasekho ngezinga intombi esifinyelele kulona. Kubongwa isandla sabo esifudumele ekuyisingatheni, ngaphezu kwakho konke, kubongwa yona qobo ngesenzo sayo esincomekayo sokwazisa isitsha sikayise.[5]

Ukubikwa komsebenzi namalungiselelo omndeni

Amalungiselelo okugcinwa kwalo msebenzi asingathwe ngobunono obukhulu ngenxa lobumsulwa bentombi okuyiyonanto egcizelelwayo kulo msebenzi. Okokuqala nje, ukunqunywa kosuku lokugcinwa kwalo mcimbi kulele ekwanelisekeni kwamalunga omndeni ekuthintweni kwawo ngokufaneleka kwentombi ukuba igcinelwe leli siko. Unina wentombi nguyena mxhumanisi phakathi kwentombi noyise. Ukufaneleka kwentombi ukuba igcinelwe leli siko kufakazelwa ngamaqhikiza okuyiwona akade epheke leli 'bhodwe'. Ukuvuthwa nokungavuthwa kwalo kubuzwa kuwona. Leli zinga libalulekile isibili ngoba yizinga leli elilungisela ukuba ibhodwe leli Iiyophakwa engxenye ( umgcagco). Ngakho-ke, unina wentombazane alusingathe ngobunono udaba olufuze lolu azolwethula kuyise wentombazane. Ubikela uyise ngokufaneleka kwentombi ukwemuliswa. Emva kokuphenyisisa kukayise wentombi, ngenhloso yokwaneliseka ngokufaneleka kwentombi yakwakhe ukwemuliswa, uyise wentombi uyabe eselwedlulisela emndenini udaba.[6]

Ukubikelwa kozalo nomndeni wonke nakho kuphathwa ngesinono esingahlalwa mpukane. Uyalwazi uzalo Iwakubo ngezindlu nokubaluleka kwazo. Uzolandela inqubo yalapha ekhaya ukwazisa abomndeni ngodaba olubaluleke njengalolu. Akesabi lutho uyise wentombi ngoba akangabazi ngobumsulwa bentombi yakhe. Iphuma esikoleni samaqhikiza, ivuthwe lushu ngasephuzwini lokuziphatha ngendlela. Besiwenza ngokwethembeka umsebenzi waso lesi sikole samaqhikiza sayizolo. Konakale ngokufika kwesikole sanamuhla, okuthe ngokufika kwaso, bakhwixa imikhono omame, bakha imikhanya bethi isikole ndini siza nempucuko kanti empucukweni leyo kulele nembubhiso.[1]

Umcimbi Iona ubugcinelwa kuphela intombi nto hhayi igqabulambeleko njengoba sekwenziwa kulezi zikhathi zanamuhla. Indlela yokuvunula ngosuku  ibizisho yona ngoba konke obekwenzeka bekunophawu lobumsulwa bukasingaye. Emva kokuba udaba selumunyungwe ngokwanele wumndeni futhi wonke amalunga omndeni aneliswa izinqumo zomndeni, udaba selungadluliselwa emphakathini. Nakhona futhi lapho, indlela oludluliswa ngayo isakhomba khona enhlanzekweni ekuphathweni kwemisebenzi yabadala wuZulu wakuthangi.

Ukubikelwa komphakathi (umemulo)
[hlela | Hlela umthombo]

Udaba Iwedlulela emphakathini emva kokuba sekuboniswene ngosuku lomcimbi lowo. Lwedlulela emphakathini ngokwezikhundla zawo. Kuzobikelwa induna yesigodi kuqala ukuze ilwedlulisele komkhulu ukuze babe khona ngosuku lomcimbi lowo[7]. Ukuba khona kwenduna emcimbini kumachopho mabili; ikhona njengelungu lomphakathi futhi njengenhloko yesizwe nesigodi  ukuzofakazisa ubuqiniso bokufaneleka kokugcinwa kwaleli siko endaweni yayo. Ikhona futhi ukuzoqapha uthuthuva olungabheduka ngosuku ukuze ikwazi ukwethula umbiko ogcwele enkosini.  Kungabheduka eyothuli IweziChwe ngosuku ikakhulukazi uma izinto ezinjengokuqiniswa komuzi ngezintelezi zingaqashelwanga. Ukubikela induna kusho ukubikela inkosi yona okungenzeka ingakwazi ukubakhona emcimbini Iowa ngenxa yokuxineka. Inkosi ingakhipha iphoyisa layo ukuba liyoba yiso laya uma induna ingeyukuphumelela ukuba khona emcimbini.

Ukubikwa komsebenzi enduneni, ngenhloso yokuthi idlulisele enkosini kuhambisana nokubikwa komsebenzi enyangeni yekhaya ukuze inikwe isikhathi esanele sokuyofuna izintelezi eziqinile zokubamba amabutho, angabhuqabhuqani esigcawini ngemikhonto kuxabane ubendle umsebenzi wobunono uphenduke ubunuku ngokuphalala kwegazi. Buyenzeka ubunuku obufana nalobu uma lingaqashelwanga leli phuzu, amabutho anephuzane ngejozi esigcawini, kuchitheke uphoko, isiminya. Inyanga yekhaya ibizelwa isizathu sokuqinisa intombi eyemulayo nomndeni.

Kunenkolelo yokuthi ngalesi sikhathi intombi le namalunga omndeni wonke antekenteke ngakho badinga ukuqiniswa ngezintelezi namakhubalo ukuze bangangenwa yimithi yabasokoci abanomona ngalo mcimbi ozogcinwa ekhaya. Ingafa nokufa intombi, lungakafiki nosuku  uma kungaqashelwanga. Ukudlula ezingeni elithile ungena kwelinye, kunomthelela wokuba lula kusingaye nakulabo athintene nabo. Bekade ungena ebangeni lobuntwana, manje usezozalwa kabusha engene ebangeni lobudala.

Ukuthintwa kwabaphansi ngomsebenzi

Abangasekho babambe iqhaza elibaluluke isibili ekuphathweni kwaleli siko.  Ngaphandle kokuthintwa kwabo ukuba babe yingxenye yalo msebenzi, ukugcinwa kwawo kungafana nokusinisa amahleza isiminya. Ukuthintwa kwabangasekho kudinga ubunono isibili kulabo abaphathelene nalokho. Ukuhambisa izinto ngononina nangenhlanzeko elindelekileyo kulabo abasadla anhlamvana kuyisifakaziso nethemba lokuthi umsebenzi wamukelwe ngabaphansi futhi uzohamba njengezifiso zabasaphila. Imiphumela yokusingathwa kahle kwemisebenzi yabaphansi ilele ezithelweni zokuganana kwabantu, okuwukuthola abantwana emendweni.

Nakhu okuthathu okuyizidingo-ngqangi ekuphathweni kwabangasekho ukuba bangene ngaphakathi kwekhaya ukuzosingatha umsebenzi abawubizelweyo:

  • ukushiswa kwempepho
  • ukugaywa kotshwala
  • ukuhlatshwa kwesilwane

Zimbili izilwane ezihlatshelwa abangasekho,imbuzi nenkomo. Lezi zilwane zithandwa ngoba zona ziyakhala lapho zihlatshwa ngakho ziyabamemeza labo asebelele. Impepho imila emathunzini otshani ngakho yisona sitshalo esifanele ukusetshenziswa ukubiza abalele ngoba nabo sebengamathunzi. Utshwala obugayiwe nenyama yesilwane esihlatshiwe yikhona kudla kwamadlozi[1]. Ukubaluleka kwakho kubonakala ngendawo okuhlala kuyo, umsamo.

Imbuzi eyibika-msebenzi ihlatshelwa endlunkulu, okuyindlu yesalukazi sekhaya. Yiyona ndlu lena ethathwa njengehlanzeke ukuzedlula zonke ezinye ngoba akusalanyaniselwa kuyona. Imbuzi lena ihlatshelwa emsamo wale ndlu okuyiyona ndawo yamadlozi ekhaya. Kushiselwa kuyona impepho bese kuthi intombi eyemulayo iguqe emsamo wale ndlu ngesikhathi kuthintwa abangasekho. Iguqe nje ibambe ngesandla sayo sokuphonsa imbuzi lena okubikwa ngayo umsebenzi.

Singagcizelela nje ukuthi kuqala yayingekho inkinga yemfuyo njengoba sekunjalo kule mihla. Ngakho-ke ngenxa yokuthi izimbuzi lezi seziyathengwa, kubalulekile ukuthi ifike lapha ekhaya kusasele izinsuku impela ukuze idle ezaleni lalapha ekhaya, ikhothwe ngamadlozi ekhaya ngolimi Iwawo Iwemfihlakalo yangale kwethuna. Uma isihlatshwa imbuzi lena, inkosana yekhaya ithopha abangasekho ngezibongo zabo kusukela kulowo emaziyo ngokwelamana kwabo kubudlozi bekhaya kuze kuyofika kowokugcina esamkhumbulayo okuyaye kube esecelwa ukuba adlulisele umbiko kwabanye bozalo abangasekho njalo njalo

Emva kwalokho umlotha nempepho uyabe usugcotshwa ebunzini kanye nasokhakhayini Iwentombi eyemuliswayo ukuze amadlozi anamathele kuyona. Uma sekuthintwa amadlozi, kuningi osekufanele amalunga omndeni akuqaphele okuyinhlonipho nenhlanzeko efanelwe umsebenzi obikwayo. Ukuhamba kwabo nokwenza kwalabo abasaphila kulo mhlaba sekuyinkomba yokubaluleka nokwaziswa kwawo amadlozi ekusingatheni imisebenzi yalolu hlobo. Ngenxa yokuthi umsebenzi Iona obikwayo uzodinga ukuba intombi igonqe, kufanele intombi ikwenze konke okuyidinga ngaphandle komgonqo ngoba uma isike yangena, ayinakubuye iphume emgonqweni iyokwenza okunye.

Okubalulekile intombi ekwenza ngaphambi kokuba ingene emgonqweni ukuhhoyiza. Intombi ezokwemula iphelekezelwa wontanga yayo ukuba iyohhoyiza. Abanye abaphambanisa leli banga bathi intombi eyemulayo kumele iqale ngokugonqa ngaphambi kokuba ihhoyize. Kuhle futhi ukwehlukanisa phakathi kokuhhoyiza nokucimela. Ukucimela kusho ukuvalelisa ezihlotsheni kwentombi esuke isiyogana, koninalume nakomakhelwane. Ngesikhathi ihamba icimela intombi leyo, ivaleliswa ngokuphiwa izipho ezahlukahlukene. Ukuhhoyiza nakho kuthi akufane nokucimela ngesizathu sokuthi kokubili kusho ukuyocela izipho ezihlotsheni nakomakhelwane. Umehluko usekutheni intombi ehhoyizayo ayiceli izipho zokuvaleliswa kodwa isuke izicelela izipho nje ikakhulukazi koninalume. Lapha koninalume kuvamise ukuthi ihlatshiswe imbuzi intombi eyemulayo. Lokhu kuhlatshiswa kwayo kwenza ilale koninalume usuku noma ezimbili ngaphambi kokuqhubeka nohambo. Abomndeni wakoninalume bahlabisa intombi le ukukhombisa ukubonga nabo ngokuziphatha kahle kwayo.  

Ulanda umkhonto koninalume
[hlela | Hlela umthombo]

Ekuhambeni kwayo la koninalume inhloso ukulanda umkhonto, owuphawu lokunqoba ubusha ngoba intombi isuke iqaphe ukudla kukayise kwangahlatshwa ngomkhonto. Lona ngumkhonto wokuhalalisela intombi ngokunqoba kwayo, akuwona nje owokuyosina esigcawini kuphela. Umkhonto ukunika ilungelo lokusina, nelungelo lokuphakanyiswa lapha ekhaya ngoba awuphakanyiswa inomakanjani futhi awuphathwa yinoma ngubane. Lapho intombi zifika koninalume, zingena kungazelelwe zifike zithathe noma yini ebalulekile zigweve nayo. Abakaninalume, sebeyoyihlabisa imbuzi okuwuphawu lokubonga bese inikwa umkhonto.[3]

Namuhla yokudideka kwabantu nokushintsha kwesimo sokuphila. Usuke uzwe kuthiwa umkhonto iwulanda lapho izoganele hhayi koninalume. Kulihlazo elibi leli. Intombi ayikwazi ukuyolanda umkhonto lapho ezongana khona ngoba ayikagani. Okusho ukuthi ayaziwa emndenini wesoka ngoba ayikafazwa ngenyongo yakhona. lokhu okwenzekayo kuwukuphoxa inhloso yaleli siko ngenxa yolo mkhuba. Yisiko lobumsulwa betshitshi leli.

Ukungena emgomqweni
[hlela | Hlela umthombo]

Emva kokuhhoyiza intombi ingena emgonqweni lapho ingasezukubonakala noma ikanjani khona. Ingena esiguqweni sebanga elisha. Ingeniswa ngesiko lokuhlatshelwa enye imbuzi, kuthiwe yimbuzi yokuvula umgonqo. Kokunye le mbuzi bayibiza ngembuzi yokuhuqa ibomvu. Lapha emgonqweni kulapho intombi yalulekwa khona ngabadala ngendlela yokuziphatha ebangeni elisha. Ikakhulukazi kugcizelelwa ephuzwini lokwakha umuzi njengoba msebenzi wonke ulungiselela izinga osekuzobhekwana nalo lelo lokugana. Emgonqweni lapha intombi lena kayenzi lutho ngaphandle kokulala ngecala, imbozwe ngocansi. Ayibasi mlilo, ayipheki bhodwe. Uma kwenzeka kuba nesidingo sokuba iyozikhulula, iyazifihla emehlweni abantu futhi iyaphelekezelwa, ingahambi yodwa. Uma kunesidingo sokuthi ikhulume, lokhu ikwenza ngesizotha esiyisimangaliso. Kungenjalo ingadlula, idlebeleke, iphakamise izwi noma ingasathandi. Yizinga lokuzila leli. [8]

Ngesikhathi intombi isemgonqweni ayigezi kepha iphaqulwa ngamafutha omcaba. Amafutha omcaba lawa agcotshelwa ukuthi intombi le kuthi mzukwana iphumayo emgonqwenl ibe isicwebezela kuhle kotalagu. Usuku lokuphuma kwayo emgonqweni wusuku lokubukisa ngobuhle nokwakheka komzimba wentombi engenacashaza, intombi nto. Ngaphandle kokuphaqulwa ngomcaba, intombi iphinde ihuqe ibomvu. Lokhu wuphawu Iwenguquko empilweni yentombi eyemulayo. Ucelelwa ngalo ibomvu ukuba abaphansi bamdlulisele ebangeni elilandelayo ngempumelelo. Uvikelwa ezintweni eziningi ngokuhuqwa ngebomvu leli. Phela ibomvu Iiyayivika nemimoya emibi ngakho-ke ayisondeli. Ngisho nezulu imbala, alisondeli kogcobe ibomvu. Ibomvu ngelinye lamahawu elisetshenziswa ukuvikela intombi eyemulayo  komonase abanhliziyo zabo zilangazelela ukudicilela phansi wonke amalungiselelo nokusoconga  usingaye.

Imbuzi-  idliwa ngumgoyi kanye nabontanga yakhe. Kuningi okunye okusetshenziswayo kuyona ukuxhumanisa intombi nabaphansi.

Inyongo ibaluleke ukwedlula konke uma sekukhulunywa ngokuhlanganisa intombi nabakubo abangale kwelamathongo. Isikhumba sembuzi esisikwa senziwe isiphandla naso sisebenza omkhulu umsebenzi Iona. Ngaphandle kwesiphandla, isikhumba siyashukwa, kwakhiwe ngaso ingungu, okuyisigubhu esishaywa zintombi emgonqweni. Lesi sigubhu sishaywa ubusuku bonke, malanga wonke kuze kube intombi iyaphothulwa kulo mgonqo. Ukuduma kakhulu kwaso lapho sishaywa kuya ngobuciko ekwakhiweni kwaso kanye nasebunjalweni besikhumba sembuzi leyo ebihlatshelwe intombi. Isisho esithi "ingungu yale ntombi kayikhali" sibukeka sasuselwa khona lapha emkhubeni wokugonqa. La mazwi asuke eqonde khona ukuthi izinto zayo kaziyihambeli kahle kuhle kwengungu esuke ingakhiwe ngobuchule nehluleka ukuduma kunanele amawa.

Ukuhlatshwa kwezimbuzi ngesikhathi intombi isemgonqweni kuya ngokwesutha komnumzane. Okubalulekile nje wukuthi intombi nontanga bayo akufanele balambe emgonqweni. Intombi ehloniphe umuzi kayise ngalolu hlobo ngeke yalanjiswa. Inhloso-ngqangi ukukhiphela intombi nto emphakathini, iphume ecwebezelayo. Ayikwazi-ke ukucwebezela kade igeqwa yindlala emgonqweni. Umemulo yisiko eliletha ngaphambili umntwana womnumzane ukuba umphakathi, ikakhulukazi izinsizwa, zimbone, zeshele aqome, kwakhiwe imizi.


Ukuqalwa kwezimbiza zotshwala kusho inhlanzeko yomphefumulo nomzimba wabaphathi bekhaya nabazophatha ukudla, utshwala. Sekuzilwe zonke izinto eziwukungcola. Akusahanjwa phambi kwezindlu komalukazana balapha ekhaya. Alisaphakanyiswa izwi uma ngabe kukhulunywa ngoba abalele abawuthandi umsindo. Ingane eqhele ngebanga ayisamenyezwa kepha isiyaqhwetshwa noma kuthunyelwe oseduze ayibize. Konke lokhu kwenziwa ngesazelo sokuthi uma sekubikwe umsebenzi, bathintwa ngendlela yakhona sebengaphakathi kwamagceke omuzi manje.

Kuyahlonishwa, omame babonakala ngokucabeka emahlombe, babuye bathi ukuthi shazishazi ngomcaka ebusweni. Ukubeka kwabo emahlombe  nomcaka ebusweni kuwukuhlonipha okungaphezulu kokuhlonipha abayeni babo kanye nomndeni. Lokhu kuhlonipha kukhomba ukuhlonipha izidalwa zekhaya ezingoyisezala, noninazala eseziningi lapha ekhaya.

Usuku lomemulo
[hlela | Hlela umthombo]

Ngaphambi kosuku lomemulo,  uyise wentombi eyemulayo ungena endlini lapho kugonqele khona intombi yakwakhe nontanga yayo ayinike umkhonto. Lo mkhonto intombi ingena nawo esibayeni lapho uyise ezoyikhombisa khona inkomo yomsebenzi wayo: Izothi ingayibona inkomo bese ihaya inkondlo yayo, ziyivume/e izintombi nezinsizwa .

Inkomo lena ezobulawa isuke seyaziwa yinhloko yomuzi nonkosikazi wekhaya. Yilokhu yakhonjwa mzukwana kubikwa umsebenzi. Ibiyimfihlo nje yabo bobabili kodwa amadlozi wona aseyazi ngayo. Ukuphumelela komsebenzi kuzobonakala ngenyongo uma isihlinziwe, ubuncane bayo bukhomba ukuthi nembala ngesikhathi ikhonjwa, amadlozi ahlala kuyona ngoba ayayithanda inyongo, ayayiphuza.


Phakathi kwamabili uyise wentombi uvula umgonqo ngembuzi nembiza enkulu yotshwala. Iyahlinzwa le mbuzi, iphekwe, idliwe, kuphuzwe utshwala lobu kubuswe. Sekuzothi-ke intathakusa zehle izintombi ziyogeza emfuleni ngamanzi amsulwa, angakathintwa muntu nalutho emfuleni. Baqeda lapho emfuleni bese behlala ngaphansi kwesihlahla lapho sebelinde khona igama eliphuma kuyise ukuthi bangenyuka ukuzosina esigcawini.

Ukugeza emfuleni ogelezayo wuphawu lokwedlula ebangeni elidala, ungena kwelisha. Kuwukufakazela ubumsulwa bayo. Ubufakazi lobu kwabalele bobumsulwa abazobugabisa esigcawini ukuthambama kwelanga. Kuthi ngokuthambama kwelanga bese uyise wentombi ethumela imbiza yokwenyusa intombi yakhe nomthimba wayo. Ekhanda lapha ichonywa izinyongo zezilwane lezi ekade zilokhu zihlatshwa.

Umembesa ngomhlwehlwe wenkomo ehlatshiwe. Uyise ungena naye umntanakhe esibayeni ngehubo lomndeni. Ubikela abaphansi ngomntwana. Umkhipha lapho amdonse ngengalo esemyisa esigcawini. Kulapho-ke sekuzosinwa khona. Ngesikhathi emusa esigcawini uyise wentombi, uhuba ihubo lomuzi elamukelwa wumkhosi wonke. Nakhona lapha esigcawini uyambika umntanakhe ezethamelini zosuku, aphinde azibikele ukusuka nokuhlala komsebenzi owenziwe. Uyise uqeda agiye abese eyohlala endaweni emfanele enhla nesigcawu. Sekuzosuka abafowabo nabo bagiye ngokulandelana kwabo.

Emva kwalokho, kusina yona-ke manje intombi ngomkhonto, iphelekezelwa izimpelesi zayo. Kuthi emva kokusina kwentombi bese kusina-ke izihambeli, izintombi nezinsizwa zezigodi ngezigodi. Laphaya ekhaya  izimbiza exhibeni zikhephuka ingwebu nakhu umsebenzi uphathwe ngesinono. Kungenjalo utshwala buyaduba, buhluthuke, bube bumbi, bungaphuzeki. Liyolokhu libeka izindebe nje ibandla, kungehli mathamo kanti libalekela isilungulela, buze buchithwe imbala.

Laphaya emnyango izimbiza zenyama ziyahlihla, kunuka usi umuzi wonke. Ukuphela kwejadu nokuphakelwa kwabantu kusho uvuthondaba Iwalo mcimbi. Emva kwakho konke lokhu, abantu bayachitheka, kusale abomndeni nezihlobo ezimbalwa. Indlu lapho kade kugonqele khona intombi isuke isisindiwe, kwathi nensila yayo yathathwa yayoshiswa. Konke lokhu kwenzeka ngesikhathi izintombi zehla ngentathakusa ziya emfuleni. Umsebenzi wokushiswa kwensila yentombi ngumsebenzi kagogo wentombi kodwa nonina wentombi uyakwenza lokho. Okubalulekile nje wukuthi abathakathi bangakwazi ukuhlangana nensila yentombi lena eyemulayo ngoba bangabhubhisa umuzi ngensila leyo.

Umemulo nokusetshenziswa kophawu

Uphawu lusho ukusetshenziswa komfanekiso othile kanti kuqondwe ukugqamisa okunye okufuze umfanekiso lowo. Impilo nokwenza kwesidalwa esingumuntu kungamelwa izimpawu ezithile. Umbala nje ungaba wuphawu olumele ubuqiniso obuthile empilweni yomuntu. Into ethile ingamela uphawu oluthile ohlotsheni oluthize Iwabantu kuthi kwabanye imele okunye. Izilwane nokwenza kwazo nazo zingamela izimpawu ezithile ezimpilweni zabantu. Ukulinganisa nje, inyoni isikhova, kumuntu ongumZulu simele ubuthakathi, size sibizwe ngenyoni yabathakathi, umandukulu. KwabaMhlophe isikhova simele inkuthalo nobuhlakani. Ukuhamba kwaso ebusuku amaZulu akuhlanganisa nobuthakathi. Ubukhulu bamehlo aso kodwa angaboni, abuhlanganise nobuphukuphuku. AbaMhlophe ukuhamba kwaso ebusuku nokuvula kwaso amehlo amakhulu akufanisa nobuhlakani bokuzisiza ungalali ebusuku ngesikhathi abanye belele.[9]

Ngasohlangothini lomemulo singaphawula lokhu: ukungena kwentombi emgonqweni singakufanisa nophawu lokubuyela esizalweni sikanina. Intombi le izozalwa kabusha ngakho-ke ngaphambi kokuba izalwe kabusha, kufanele ukuba izofukanyelwa yilesi sizalo esiyindlu kaninakhulu. Isakhiwo sale ndlu siyindilinga kanjalo nesizalo sikanina lapho yafukanyelwa khona iselihlule siyindilinga. Ibuyela kule ndilinga ukuba izalwe kabusha esigabeni intombi esingena kuso. Ubundilinga lobu busho impilo engenasiphetho, busho inqubekela phambili ngoba vele indilinga ayinasiqalo, ayinasiphetho.

Esizalweni sikanina ibifukanyelwe oketshezini olusamanzi kwaze kwaba iyazalwa ngokuqhuma kwawo la manzi, ageleza, echithekela ngaphandle. Ukuya emfuleni emva kokugonqa kuluphawu lokuzalwa kabusha.


Buningi kakhulu ubundilinga obugqamayo uma kugcinwa leli siko lokwemula. Isibaya sezinkomo okuyiyona nhliziyo yekhaya, siyindilinga umumo waso. Uyise wentombi ungena kulesi sibaya ukuzobika kwabalele ngezifiso zabaphilayo ngomntwana wabo. Ubika kubo ngesifiso sokuqhubela impilo phambili ngomntwana wakhe. Uma eseyikhipha intombi yakhe ukuba iyosina esigcawini, uphinda futhi azongena kule ndilinga ukukhumbuza bonke abakhona abasaphila nasebengale kwelikaMlenzemunye ukuthi uyakufakazisa ukuthi ngempela impilo yisondo. Esigcawini lapho kusinwa khona, izethameli zakha indilinga esalisondo nayo osengathithi isiwubufakazi bokuqhubela phambili impilo eyisidalwa esingumuntu.

Ukwembeswa kwentombi eyemulayo ngomhlwehlwe omhlophe: kusagcizelela Iona iphuzu lokusetshenziswa kophawu ekugcinweni kwaleli siko. Ubumhlophe bomhlwehlwe bugcizelela ubumsulwa bommbathiswa. Yitshitshi tshi elingakaze lingcoliswe leli, limhlophe qwa okwezihlabathi zolwandle. Itshitshi lifaka ubuhlalu obumhlophe obusuke bufakazela khona ubumsulwa balo. Umhlwehlwe Iona kuthi emva kokuba intombi isisinile ngawo laphaya esigcawini ebese uyathathwa ugcinwa emsamo. Usuyodliwa yizalukazi zekhaya ngesikade emva kokuba usuhlanzwe kahle, amanzi akhona achithwa ngaphandle komuzi.

Abanye njalo abawugezi umhlwehlwe Iowa kodwa bawudla nensila leyo ngoba kubona ukudla umhlwehlwe kusho ukuhlanza umntwana ehlanzelwa ukuba athole umkhwenyana ukuze kungene izinkomo lapha ekhaya.


Ukugqoka isidwaba kwentombi emulayo / isidwaba sinombala omnyama

Umbala omnyama wona uyimfundivaliwe kumaxila ngoba uwatshela ukuthi Iowo ombethe wona akasenakuthintwa, usengumuntu wabantu, ingoduso. Kuyihlazo elibi nokucwesa ukuqomisa ingoduso yomuntu. Ukufaka kwayo isidwaba nje sekusho ukuvimbela izesheli. Intombi engakagani ayisilokothi isidwaba. Kujwayelekile ezikhathini zanamuhla ukufica itshitshi lisina ngesidwaba. Nalo igama itshitshi kufanele silisebenzise ngokuqaphela ngoba ubufakazi bobutshitshi nxa kwemulwa ezikhathini zanamuhla buyangabazisa. Uma ubuza ngale nsumansumane, uthola izimpendulo eziningi nezingagculisiyo. Iningi livele likutshele ukuthi nxashana kwemulwa intombi ifaka isidwaba bese bewuthunga inhlali.

Umbala obomvu wona uwuphawu lokungabinandawo

Umbala obomvu wuphawu lokuntingaza phakathi naphakathi. Ohuqe ibomvu nje ugqamisa uphawu lokungabi mntwana noma ukungabi mdala. Wumbala womlindelo Iona. Ulindele isigaba esisha ofake lo mbala. Ngaphandle kwalokhu, umbala obomvu ungasho ubungozi bomuntu wesifazane. Uma owesifazane esenyangeni, uhuqa ibomvu ukuveza ubungozi akubona kulowo ongathuka ehlangana naye. Abesilisa bayamazisa umuntu wesifazane ohuqe ibomvu. Uma bezothuka behlangana naye endleleni, bayagqwegqwa, bayigweme indlela leyo uma isikhathi sokwenza lokho sisekhona. Okukhulu ukuthi Iowa ogcobe ibomvu kube nguyena owehlukayo endleleni ngoba vele uyazazi yena isimo akusona ukuthi siyahlonishwa.

Umkhonto nehawu yintombi eyemulayo

Umkhonto ucijile ekudleni kwawo. Isitho somuntu wesilisa naso umumo waso uthi awufane nomkhonto. Umkhonto Iona isikhali sempi. Impi iyabhubhisa ishiye kukhalwa. Naso isitho lesi somuntu wesilisa siyabhubhisa emzini yabamnumzane abangenamthetho lapho izintombi zakhona kukwampunzidlemini.

Esigcawini

Ihawu- uma silunguza ihawu, Iona sithola ukuthi Iona umumo walo umise okwesitho sangasese somuntu wesifazane. Ngaphambi kokuba intombi isine ngomkhonto Iona, ifaka ihleza esihlokweni esiwukudla kwawo. Lolu wuphawu lokuthi nakuba umkhonto uyisikhali sempi kodwa kulo mcimbi akuliwa. Okwesibili ukufaka ihleza esihlokweni somkhonto sekukhuluma buthule nezethameli ukuthi intombi le esinayo ibuhlulile ubukhali bawo ngoba awukaze ugwaze inkomo kanina ebiqashwe ngamaqhikiza nezinzalabantu. Ngakho intombi lena ifakazisa ukuthi umkhonto Iona iwuthuntubezile ngokulalela iziyalo zabadala. Umkhonto awukaze ulihlabe ihawu leli intombi eliphethe esigcawini. Ubuqiniso bayo yonke le ndaba buyofakazwa ngumkhwenyana mzukwana yayosina emzini, kungenjalo uyovuka ekuseni ngovivi, ayolanda inkomo yohlanga ayikhipha emalobolweni kanti ayisekho. Yihlazo-ke lelo. KwaZulu ihlazo lalivikwa ngokuba umntwana abugcine ubuntombi bakhe ukuze ahlale emsulwa.

Ukugoqa

Umemulo ngelinye lamasiko elenzelwa emehlweni omphakathi, umphakathi ufakazisa kwabadla anhlamvana kanye namathongo esizwe ngobumsulwa bentombi yesigodi leyo eyemulayo. Uyise uyethwesa isicoco nomqhele ngokumisa kwayo ize inikezwe nguyena igunya lokuthi isingaqalaza manje, isikhule ngokwanele.

  1. 1.0 1.1 1.2 https://www.tandfonline.com/doi/abs/10.1080/02572117.1997.10587162?casa_token=IGRUVAZYn5IAAAAA:TeJs8utEG9vd4qL7Keq9sbz_IduLQUdFIDlsEEcnNt4zzrOAwo9KeQjt7CghmfyjeMKiOUxYjL2qUw
  2. 2.0 2.1 2.2 https://uzspace.unizulu.ac.za/items/3b960bec-4c35-4230-b870-d75159cd6dd1
  3. 3.0 3.1 https://uzspace.unizulu.ac.za/items/67b399f2-d9fe-4489-acf6-f52bb36ff929
  4. https://uzspace.unizulu.ac.za/items/50feb4c0-a404-4050-aafd-075188da1530
  5. https://www.proquest.com/docview/2723855700?pq-origsite=gscholar&fromopenview=true
  6. https://journals.co.za/doi/abs/10.10520/EJC132016
  7. https://www.degruyter.com/document/doi/10.1515/humor-2017-0113
  8. https://core.ac.uk/download/pdf/344749555.pdf
  9. https://core.ac.uk/download/pdf/344749555.pdf