INdiza eswelumuntu
INdiza eswelumuntu, ngokuvamile eyaziwa ngokuthi iDongoyi, iyindiza eswele itilosi, abashayeli noma abagibeli ngaphakathi kuyo. Izindiza eziswelumuntu ziyisigcoyi sesimiso sezindiza eziswelumuntu, esihlanganisa isilawuli esisezweni phansi kanye nohlelo lokuxhumana nayo indiza eswelumuntu. Ukundiza kwalezindiza kungagidinga ngesilawula-kude, esiphethwe umgidingisi ongumuntu, njengendiza etiloswa-kude, noma ngamazinga ahlukene okuzihleleleka, afana nesitilosi esisizayo, kufika endizeni ezihleleleka ngokugcwele engadingi ukungenelela komuntu.
Kuchazwa kwebizo
[hlela | Hlela umthombo]Ibizo lesizulu elithi udongoyi lisuselwa kulelo elisetshenziswa ukuchaza inyozi yeduna, kulingiswa elesingisi, ngenjongo yokulisebenzisa indizana endiza ngaphandle komuntu okhwele kuyo. Elithi udongoyi.[1][2] Leli bizo elithi udongoyi yilona okubonakele ukuba liyafaneleka, esikhubdleni sokuthi kusetshenziswe elesingis. Futhi ngaphezu kokuthi izindongoyi zinamahlelokusebenza, zibuye zibe ezizihlelelekayo futhi zisebenzisa nobunye ubuchwepheshe obuzivumela ukuba zigununde ukuthunywa kwazo ngaphandle kokubgenelela komuntu, ubuchwepheshe obufana nokucikizela efwini, umbono wesiCikiz, uhlakahlisombulu , Ukufunda kwenguxa, Ukufunda okunzulu nokuhlonga ngomchadamezo.[3]
Imithombo
[hlela | Hlela umthombo]- ↑ Note; Qaphela ukuthi inyosi udongoyi ibuye ibizwe ngokuthi unodongoyi| bheka.
- ↑ Doke, Vilakazi (1972). Zulu-English Dictionary. Witwatersrand University Press. p. 167.
- ↑ "Drones and Artificial Intelligence". Drone Industry Insights. 28 August 2018. Archived from the original on 17 September 2020. Kulandwe ngomhlaka 11 April 2020. Unknown parameter
|url-status=
ignored (help)